Monday, May 19, 2008

Laze lafa elihle kakhulu




Ake ngithi jwaphu ngengikubone kwaMabunga eThandizwe emngcwabeni wakwaMam Mabunga obungomhlaka 17 May 2008. Abantu abaningi bakulendawo bazitika ngezinyembezi zikaKhwini. Abanendaba noma ngabe bazoya emngcwabeni kumbe bazoya emcimbini nje wokujabula. Ngidumele kabi ngibona lobaba ogqoke iLeather Look black jacket edakwe enya amaphepha, bekuthi uma kukhulunywa avele abhede kumbe acule. Angisaphathi uMsebenzi Mthembu (Manguzi Police Station policeman) obekuthi uma kukhuluma uMfundisi uMaphumulo okunguyena obephathiswe izwi lenkosi ngalo lolusuku avele athi "akaboni yini ukuthi isikhathi sesihambile" eloku esho njalo. But when i looked at my watch it was still fine it was before 14hoo.

Ake siphezeni ukwenza lento ayibukeki neze. abanye bebeze bagibele phezu kwamaLiba akhona laphayana ekhaya kwaMabunga. Khuzani bo!!!!

No comments: