Wednesday, August 6, 2008

Sikhala singaqedi ngokudlula kukaMagayi Cele emhlabeni.

Ngithi angidlulise ukudabuka okukhulu emndenini wakwa Cele nowakwaMkhwanazi ngokudlula emhlabeni kwendodana nomkhwenyana uMagayi Cele obeshade nentokazi yakwa Mkhwanazi eMfekayi (Mtubatiba).

Sithi alwehlanga olungehliyo nilale ngenxeba bakwethu. Sikhala asiqedi ngokwedlula kabuhlungu kwalensizwa ebisencane ebesisabheke lukhulu kuyona njengoba ibingusomabhizinisi osafufuso ezidayisela utshwala koThanai naseZamalek.

Aw kodwa isihluku esingaka, angaze agwazwe ebeseshayiwe kwakade umntanomuntu! Hawu ubuntu abande ebantwini bo. Isenzo esinjenganalesi sinyantisa igazi. Anipheze bo ukuthatha imiphefumulo yabantu ngenxa nje yento encane ebingalungiswa! Haawu bo!!!

May his innocent soul rest in peace, till we meet kwelizayo. Uzofihlwa eMpangeni lapho ezalelwa khona ngeSonto lomhlaka 10 August 2008. Let all his soul mate pay tribute to the fallen hero Magayi, Ndosi, Nkomesengw ilele, Khumbuza wo he ngingabala ngithini nami ngithathe khona kwaCele.

u can also send condolences to w.mkhwanazi@doj.gov.za .

No comments: